Amalungu omphakathi wamagugu esizwe kanye nomphakathi jikelele ayamenywa ukuba abeke amalungu eBandla lemNyuziyamu yase-Robben Island. IBandla lizawube liqukethe amalungu ayisikhombisa, azawumiswa nguNgqongqoshe wezoBuciko namaSiko. Okungenani ilunga elilodwa kumele libe nolwazi ezindabeni zezimali.
Uma ukhetha othile, kumele ukhumbule ukuthi kudingeka okhethiwe abe nokuqonda okubanzi kwamafa esizwe, ubungcweti obubanzi bezimali nokuphatha, ulwazi lwezomthetho kanye nolwazi lokuthengisa nokuhlanganisa abasebenzisanayo, ukutholela inhlangano imali ukucwaninga kwezesayensi, kanye futhi nokuzimisela ukunikeza izinsiza emphakathini kanye nobungcweti obukhethekile kumkhakha womsebenzi wemNyuziyamu yase-Robben Island.
Iqembu labahloli lizawumiswa nguNgqongqoshe ukwakha uhlu lwezimfunda / lwamakhandidethi olufanele ukubekwa olutholiwe. Okuzokwenziwa iqembu labahloli kuzawuba ukuqinisekisa ukuthi ukubekwa kokugcina kufakelela abantu abanolwazi oluphakeme noma abanolwazi olungajwayelekile noma uthando kumkhakha ofanele, nokuthi bamele abantu abaningi, ngempumelelo eyanele, kuwo wonke umphakathi kanye nakubo bobubili ubulili, nokuthi ukukhetha jikelele okutholakalayo kube ngokwezinga eliphezulu elingatholakala.
c Isitatimende esifushane esisayinwe ngophakanyisiwe, lapho evuma ukhetho; kanye d Namagama nemininingwane yokuxhumana yabantu abathathu abamaziyo.
Ukubekwa akusoze kwabhekwa uma konke okungenhla kungafakiwe.
